Ukugcina imibhalo ngokomthetho kuyisibopho sokomthetho esidinga ukuba bonke abashicileli (nabakhiqizi) baseNingizimu Afrika bayo yonke inhlobo yombhalo, lokho kubandakanya okushicilelwe ngobuchwepheshe kwafakwa kumavidiyo kwaqoshwa ukuze kulalelwe, bayise inani elithize lamakhophi alokho abasuke bekushicilele kulezo zizinda ezibaluliwe ngokusemthethweni ukuba ziwagcine. Kungumkhuba owenziwa ohulumeni emhlabeni wonke jikelele ukuthi bafune ukuba abakhiqizi bayo yonke inhlobo yombhalo, lokho kubandakanya amavidiyo namatheyiphu aqoshiwe, balethe inani elithize lemikhiqizo yabo kulezi zizinda ezibaluliwe ezisemthethweni. Kumanjena nje amazwe umhlaba wonke abuyekeza futhi achibiyela imithetho yawo eyengamele lokhu kwethulwa kwemibhalo kuzizinda eziyizigcina-lwazi ukuze kubhekelwe ukwanda kwemibhalo elotshwe yashicilelwa ngobuchwepheshe njengamavidiyo nama-CD nama-DVD.
Inhloso yokugcina ulwazi esizindeni esisemthethweni ukuqoqa, ukulondoloza, kanye nokuhlinzeka kubasebenzisi baleso sizinda bangaleso sikhathi nabangesikhathi esizayo ulwazi nemibhalo equkethe imisebenzi namasiko okuyigugu lezwe.
Ukugcinwa kolwazi ngokomthetho eNingizimu Afrika, kuqale ngo-1842 ngesikhathi sokuqala sokusebenza koMthetho Welungelo Lokushicilela waseBrithani ovikela ilungelo lombhali lokuba ngumsunguli wombhalo kuwona wonke uMbuso waseBrithani.
Kwabuye kwaba nezinguqunguquko kumthetho ngesikhathi soMthetho Welungelo Lokushicilela lombhali lokuba ngumsunguli wombhalo ka-1965 nesoMthetho Wokugcinwa Ngokusemthethweni Kwemibhalo Eshicilelwe ka-1982. UMthetho okhona manje Wokugcinwa Ngokusemthethweni Kwemibhalo (okunguMthetho 54 ka-1997), wamenyezelwa ngomhla ka-1 Julayi 1998. Lo Mthetho uhlinzekela ukulethwa kwemibhalo, amaphephabhuku kanye nokunye okuqukethe ulwazi njengamafilimu amavidiyo, ama-CD omculo, kanye nama-DVD, konke okushicilelwe noma okukhiqizwe eNingizimu Afrika. UMthetho uhlinzekela uhlaka olubanzi kwezomthetho malungana nenani lamakhophi okufanele ukuba agcinwe, isimo okufanele afike ngaso kanjalo neqophelo, ulwazi oludingeka kubashicileli nabakhiqizi, isikhathi okufanele amakhophi alethwe ngaso kanye namanyathelo okufanele athathwe lapho abashicileli nabakhiqizi behluleka ukuhambisana nomthetho.
Umbhalo yinoma yini okuhloswe ngayo ukuba kugcineke kumbe kudluliswe ulwazi olubhaliwe, oluyimifanekiso, oluyizithombe kumbe oluqoshiwe ukuthi lulalelwe nangezinye izimo eziqondakalayo futhi nanganoma imiphi eminye imigudu.
Leyo yimibhalo ekhiqizelwe ukuba isetshenziswe umphakathi jikelele.
okuhloswe ukuba ukhiqizwe futhi usatshalaliswe kumphakathi waseNingizimu Afrika ogcina kumbe udlulise ulwazi olubhaliwe, oluyizithombe, oluqoshelwe ukulalelwa, olufundeka ngemishini noma olungasiphi esinye isimo osubukeziwe kumbe osushicielwe kabusha osuhluke kakhulu kulo waphambilini ngenxa yolwazi oseluhlukile kumbe indlela nesimo owethulwe ngaso kulokhu oshicilelwe eNingizimu Afrika kumbe olungiselwe ukuba usetshenziswe umphakathi waseNingizimu Afrika.
Ukulondolozwa kwamagugu alotshiwe naqoshiwe kusiza ukufinyelela kwezakhamuzi kukhona konke okushicilelwe kwakhiqizwa ezweni lazo. Ngakho-ke, ukulondolozwa kolwazi ngokusemthethweni kungenye yezinsika zenkululeko yolwazi.
Kusiza izwe lethu ukuba likwazi ukugcina izibopho zalo zobuqotho ezimbili kusintu sonkana.
ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wombhali kawulahleki nanini, futhi uyatholakala uma kwenziwa ucwaningo ezikhathini ezizayo siyakwazi isizinda ukuqwashisa bonke abasebenzisi balezi zizinda ngokukhiqiziwe nokushicilelwe kuba yisisekelo sokwakhiwa kwemiqulu yezinhla zemibhalo kazwelonke neminye amaqoqo olwazi aqwashisa abasebenzisi-sizinda kanye nabasazozisebenzisa kuzwelonke nasemhlabeni wonke ngezincwadi ezikhona neminye imibhalo, kanjalo lokho kukhuthaze ukusatshalaliswa nokuthengwa kwayo iba yisisekelo sokuqoqwa kwezibalo ezikhiqizwe i-UNESCO emhlabeni wonke okungumthombo oyigugu wolwazi lwezamabhizinisi embonini nohwebo lwezincwadi. Ingabuye isebenze ngayo leyo nhloso kweminye imigudu.
